UJobe 35 - IsiZulu 2020

U-Elihu Uthi UNkulunkulu Umelwe Ukufunwa Ngokuthobeka

1U-Elihu wakhuluma wathi:

2 “Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na?

Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’

3 uthi: ‘Kungisiza ngani na?’

nokuthi: ‘Ngizuzeni ebengingayizuza

uma bengingonanga na?’

4“Ngizoniphendula mina,

wena nabangani bakho.

5 Bheka ezulwini, ubone,

uqaphele ukuthi amafu angaphezu kwakho.

6 Uma wona, wenzani kuye na?

Uma wenza iziphambeko eziningi

kwenzani kuye lokho na?

7 Uma ulungile, utholani yena ngalokho,

uzuzani esandleni sakho na?

8Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu

abafana nawe,

kanjalo nokulunga kwakho

kuthinta abanye abantu.

9 “Ngenxa yokwanda kokucindezelwa,

abantu bayakhononda,

bayakhala, banxusa ukusizwa

esandleni esinamandla.

10 Kepha akekho othi:

‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami

ovusa ingoma kwesikabhadakazi.

11 Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi,

asenze sihlakaniphe kakhulu

kunezinyoni ezindiza emkhathini.’

12Abantu akabaphenduli uma bekhala,

ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.

13 Impela uNkulunkulu akakulaleli ukukhala okuyize,

uSomandla akakugqizi qakala.

14 Kakhulu kangakanani uma uthi awuboni,

nokuthi icala liphambi kwakhe,

wena ulindele Yena!

15 Kepha manje,

ngoba intukuthelo yakhe ayijezisi,

akazinaki kakhulu iziphambeko,

16 uJobe uvula umlomo wakhe,

akhulume okuyize,

wandisa amazwi engenalwazi.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help