1U-Elihu wakhuluma wathi:
2 “Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na?
Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’
3 uthi: ‘Kungisiza ngani na?’
nokuthi: ‘Ngizuzeni ebengingayizuza
uma bengingonanga na?’
4“Ngizoniphendula mina,
wena nabangani bakho.
5 Bheka ezulwini, ubone,
uqaphele ukuthi amafu angaphezu kwakho.
6 Uma wona, wenzani kuye na?
Uma wenza iziphambeko eziningi
kwenzani kuye lokho na?
7 Uma ulungile, utholani yena ngalokho,
uzuzani esandleni sakho na?
8Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu
abafana nawe,
kanjalo nokulunga kwakho
kuthinta abanye abantu.
9 “Ngenxa yokwanda kokucindezelwa,
abantu bayakhononda,
bayakhala, banxusa ukusizwa
esandleni esinamandla.
10 Kepha akekho othi:
‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami
ovusa ingoma kwesikabhadakazi.
11 Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi,
asenze sihlakaniphe kakhulu
kunezinyoni ezindiza emkhathini.’
12Abantu akabaphenduli uma bekhala,
ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.
13 Impela uNkulunkulu akakulaleli ukukhala okuyize,
uSomandla akakugqizi qakala.
14 Kakhulu kangakanani uma uthi awuboni,
nokuthi icala liphambi kwakhe,
wena ulindele Yena!
15 Kepha manje,
ngoba intukuthelo yakhe ayijezisi,
akazinaki kakhulu iziphambeko,
16 uJobe uvula umlomo wakhe,
akhulume okuyize,
wandisa amazwi engenalwazi.”
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.