1 USamuweli 27 - IsiZulu 2020

UDavide Ubalekela Ku-Akhishi EGathi KwelamaFilisti

1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”

2 Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangama-600 ayehamba nabo, waya ku-Akhishi, indodana kaMahokhi, inkosi yaseGathi.

3 UDavide wahlala no-Akhishi eGathi, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nabendlu yakhe, uDavide nomkakhe ababili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali.

4Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGathi; akabe esamfuna futhi.

5UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”

6 U-Akhishi wamnika iZikilagi ngalolo lusuku, ngalokho-ke iZikilagi lingelamakhosi akwaJuda kuze kube namuhla.

7 UDavide wahlala unyaka nezinyanga ezine ezweni lamaFilisti.

8 UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.

9 UDavide walibhubhisa izwe, akaze ashiya muntu ophilayo, owesilisa nowesifazene, wathatha izimvu, izinkabi, izimbongolo, amakameli nezingubo, waya ku-Akhishi.

10 U-Akhishi wambuza, wathi: “Benihlasele kuphi namuhla na?”

UDavide waphendula wathi: “Siye eningizimu kwaJuda, eningizimu kwaJerameli, naseningizimu yelamaKheni.”

11UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephila ukuze abayise eGathi, ngoba wathi: “Hleze basicebe, bathi: ‘UDavide wenze lokhu nalokhu. UDavide wenza kanjalo zonke izinsuku ehleli ezweni lamaFilisti.’ ”

12U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help