1 IZikhronike 3 - IsiZulu 2020

Abantwana BakaDavide: Amakhosi AkwaJuda; Amadodana KaJekhoniya

1 Nanka amagama amadodana kaDavide abamzalela wona eHebhroni: izibulo u-Amnoni ku-Ahinohama, umHizireyelikazi; owesibili nguDaniyeli, ku-Abhigayili, umKharmelikazi;

2owesithathu ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya, indodana kaHagithi;

3owesihlanu nguShefathiya ku-Abhithali; owesithupha ngu-Ithereyamu ku-Egila, umkakhe.

4 Wazalelwa ayisithupha eHebhroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engama-33.

5 Nanka-ke amadodana abamzalela wona eJerusalema: uShimeya, uShobhabhi, uNathani noSolomoni, ayemane, kuBhathi Shuwa, indodakazi ka-Amiyeli wazala:

6uJibhari, u-Elishama, u-Elifelethi,

7uNoga, uNefegi, uJafiya,

8u-Elishama, u-Eliyada no-Elifeleti, ayeyisishiyagalolunye.

9 Wonke lawo kwakungamadodana kaDavide, ngaphandle kwalawo ayezalwa yizancinza. Udadewabo kwakunguThamari.

Amakhosi AkwaJuda

10 Indodana kaSolomoni kwakunguRehobhowamu, yena wazala u-Abhiya. U-Abhiya wazala u-Asa; u-Asa wazala uJehoshafathi.

11 UJehoshafathi wazala uJoramu; yena wazala u-Ahaziya; yena wazala uJowashi.

12UJowashi wazala u-Amaziya; yena wazala u-Azariya; yena wazala uJothamu.

13 UJothamu wazala u-Ahazi; yena wazala uHezekiya; yena wazala uManase.

14 UManase wazala u-Amoni; yena wazala uJosiya.

15 UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.

16Amadodana kaJehoyakimi: uJekhoniya, indodana yakhe, noZedekiya, indodana yakhe.

Izizukulwane ZikaJekhoniya

17Amadodana kaJekhoniya umthunjwa: kwakunguSheyalitiyeli,

18uMalikhiramu, uPhedaya, uShenazari, uJekamiya, uHoshama noNedabiya.

19Amadodana kaPhedaya: kwakunguZerubhabhele noShimeyi. Amadodana kaZerubhabhele: kwakunguMeshulamu noHananiya nodadewabo uShelomithi,

20uHashubha, u-Oheli, uBherekhiya, uHasadiya noJushabhi Hesedi, eyisihlanu esewonke.

21Amadodana kaHananiya: kwakunguPhelathiya, uJeshaya, amadodana kaRefaya, amadodana ka-Arinani, amadodana ka-Obhadiya, namadodana kaShekhaniya.

22Indodana kaShekhaniya: kwakunguShemaya; amadodana kaShemaya: kwakunguHathushi, u-Igali, uBhariya, uNehariya noShafathi, eyisithupha esewonke.

23Amadodana kaNehariya: kwakungu-Eliyohenayi, uHezekiya no-Azirikamu, emathathu esewonke.

24Amadodana ka-Eliyohenayi: kwakunguHodaviya, u-Eliyashibhi, uPhelaya, u-Akubhi, uJohanani, uDelaya no-Anani, eyisikhombisa esewonke.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help