U-Izaya 9 - IsiZulu 2020

Isiphrofetho Ngokuzalwa KweNkosi Yokuthula

1Akuyukubabikho bumnyama kulabo ababehlupheka. Ngesikhathi esedlule uSimakade wathobisa elakwaZebuloni nelakwaNafethali, kodwa ngomuso uyokwenza ihlonipheke indlela eya olwandle, ezweni elingaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe.

2Abantu ababehamba ebumnyameni,

babonile ukukhanya okukhulu.

Labo abahlala ezweni

elimnyama bhuqe,

ukukhanya kuyakubakhanyisela.

3Uyokwandisa isizwe,

usenze siphuphume injabulo;

siyothokoza phambi kwakho

njengokujabula ngesikhathi sokuvuna,

njengoba abantu bejabula

lapho babelana impango.

4Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo,

nenduku esemahlombe abo,

nentonga yocindezelayo,

njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.

5Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini,

nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa,

kudliwe ngumlilo.

6Ngokuba sizalelwe uMntwana,

siphiwe iNdodana;

umbuso uyokuba semahlombe akhe.

IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo,

uNkulunkulu onamandla,

uYise ongunaphakade,

uMbusi wokuthula.

7Umbuso wakhe uyokwanda njalo,

ukuthula kungaze kwaphela

esihlalweni sobukhosi sikaDavide

nasembusweni wakhe,

ukuze usekelwe,

umiswe ngobulungiswa nangobuqotho,

kusukela manje kuze kube phakade.

Intshisekelo kaSimakade Wamabandla

iyokwenza lokho.

Ulaka LukaSimakade Kwabakwa-Israyeli

8INkosi ithumele izwi kwaJakobe,

lehlela nakwa-Israyeli.

9Bonke abantu bayazi ngalo,

u-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya,

kodwa okwathi ngokuqhosha

nangokuzidla kwabo, bathi:

10“Izitini ziwele phansi,

kodwa sizokwakha kabusha

ngamatshe abaziweyo;

izihlahla zomkhiwane zigawuliwe,

kodwa sizotshala ezomsedari

esikhundleni sazo.”

11USimakade ubavusele izitha zivela kuRezini,

ukuze zimelane nabo.

Wazigqugquzela izitha zabo,

12ama-Aramu ngasempumalanga,

namaFilisti ngasentshonalanga,

bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo.

Phezu kwakho konke lokho,

ulaka lukaSimakade alukabohli,

isandla sakhe sisashaya.

13Abantu ababuyelanga kulowo obashayayo,

abamfunanga uSimakade Wamabandla.

14Ngakho-ke ngalusuku lunye

uSimakade uyanquma kwa-Israyeli:

ikhanda nomsila,

igatsha lesundu nomhlanga.

15Impunga nophakemeyo bayikhanda,

umphrofethi ofundisa ngamanga ungumsila.

16Labo abahola laba bantu bayabadukisa,

nalabo abaholwayo badidekile.

17Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo,

ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona.

Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu,

abenzi bokubi,

bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo;

kukho konke lokhu

intukuthelo kaSimakade ayibohli,

nesandla sakhe sisashaya.

18Ngokuba inkohlakalo ivutha njengomlilo,

iqothula ameva namakhakhasi,

yokhele ihlozi lehlathi,

kwenyuka isikhatha sentuthu

sibheke phezulu.

19Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa;

abantu bafana nenswani,

badliwe ngumlilo,

akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.

20Badla okungakwesokunene,

basala belambile,

badla okungakwesokhohlo,

kabaze beneliswa;

yilowo nalowo wadla inyama

yengalo yakhe,

21uManase uphendukele u-Efrayimi,

u-Efrayimi waphendukela uManase,

bobabili baphendukele uJuda.

Kukho konke lokho

ulaka lukaSimakade alubohlanga,

nesandla sakhe usashaya ngaso.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help