U-Izaya 57 - IsiZulu 2020

USimakade Usola U-Israyeli Ngokukhonza Izithombe

1Olungileyo uyabhubha,

akekho okubeka enhliziyweni lokho;

abantu abanomusa bayasuswa,

kungaqondi muntu.

Olungileyo uyasuswa enhlekeleleni,

2angene ekuthuleni.

Abahambe ngobuqotho

bayophumula emibhedeni yabo.

3“Sondelani nina madodana abahlola imihlola,

nina nzalo yesiphingi neyesifebe.

4Nihlekisa ngobani,

nikhamisela bani umlomo,

nivezela bani ulimi

ngaphandle na?

Anisibo yini abantwana besiphambeko,

inzalo yamanga;

5nina enisha yizinkanuko

phakathi kwemi-okhi,

phansi kwayo yonke imithi eluhlaza;

enibulala abantwana ezigodini,

phansi kwemifantu yamadwala na?

6Isabelo sakho siphakathi

kwamatshe abushelelezi asesigodini;

yiwona angawonkatho lwakho;

nakuwo uthululele umnikelo wokuphuzwayo,

wenza umnikelo wokusanhlamvu.

Ngimelwe ukweneliswa yini ngalokho na?

7Uwubekile umbhede wakho

entabeni ende nephakemeyo,

waphinde wakhuphukela khona

ukunikela ngomhlatshelo.

8Wabeka isithombe sakho

emva kwezicabha nezinsika,

wangifulathela,

wazembulela omunye kunami,

wakhwela embhedeni wakho, wawandisa,

wavumelana nabo,

wayithanda imibhede yabo,

wabuka ubuntu babo.

9Waya kuMolokhi uphethe amafutha,

wawandisa amakha akho.

Wathumela kude izithunywa zakho,

wazehlisela nasendaweni yabafileyo,

10wakhathala ngenxa yobude bendlela,

kodwa awuzange uthi:

‘Kuyize.’

Wathola amandla aneleyo,

ngalokho awuphelanga amandla.

11“Ngubani owawunovalo ngaye,

futhi umesaba,

waze waqamba amanga;

awungikhumbulanga,

futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na?

Angithulanga yini kwaze kweqa,

okukwenze awaba nakungesaba na?

12Mina ngiyakukudalula ukulunga kwakho

nemisebenzi yakho;

kepha akuyukukusiza.

13Lapho ukhala,

iqoqo lezithombe zakho

malikusindise phela;

nokho umoya uzoziphephula zonke,

ukuphefumula kuzithathe;

kodwa lowo ofuna ukuphephela kimi,

uyakudla ifa lezwe,

adle nefa lentaba yami engcwele.”

14Kuyakuthiwa:

“Hlelani, hlelani, lungisani indlela,

nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”

USimakade Uthembisa Ukuphilisa Othobekileyo

15Usho kanje ophezulu nophakemeyo,

ohlala kuze kube phakade,

ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:

“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,

nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo,

ukuvuselela umoya wabathobekileyo,

nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.

16Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade,

angiyukuthukuthela ingunaphakade;

funa umoya ophambi kwami

uphelelwe ngamandla,

ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.

17Ngathukuthela ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe,

ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele,

kodwa waqhubeka ehlubukela

ezindleleni zenhliziyo yakhe.

18Ngizibonile izindlela zakhe,

ngiyakumphilisa;

ngizakumhola,

ngimbuyisele ukududuzeka,

yena nabamlilelayo.

19Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi:

ukuthula, ukuthula kuye okude,

nakuye oseduze,” kusho uSimakade;

“ngiyakumphilisa.”

20Ababi banjengolwandle olugubhayo,

olungakwazi ukuthula,

olumanzi alo akhipha udaka nobishi.

21“Akukho ukuthula ezikhohlakalini,” kusho uNkulunkulu wami.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help