U-Obhadiya 1 - IsiZulu 2020

Isiphrofetho Ngo-Edomi

1Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”

2Uyabonake, ngiyakukwenza ube mncane kwabezizwe;

ubukelwe phansi ngokwedlulele.

3Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile

wena ohlala emifantwini yamadwala,

ondawo yakho iphezulu,

othi enhliziyweni yakho:

Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?

4Noma ungaphakama njengokhozi,

noma ngabe isidleke sakho

singakhiwa phakathi kwezinkanyezi,

ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.

5Uma uthelekelwa ngamasela,

nabaphangi ebusuku,

uyakuphundlwa kangakanani!

Abayukweba yini bazanelise bona na?

Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe,

abayukuwushiya yini umkhothozo na?

6Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu,

nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe!

7Bonke owenze isivumelwano nabo

bayakukuxoshela emingceleni;

abantu obuhleli nabo ngokuthula

bayakukukhohlisa,

bakunqobe;

labo obudla isinkwa sakho nabo

bayakubeka ugibe phansi kwakho;

akekho oluqondayo.

8Ngalolo lusuku, angiyubaqeda yini nya

abahlakaniphileyo kwa-Edomi,

nokuqonda entabeni yakwa-Esawu na? kusho uSimakade.

9Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela,

ukuze kube yilowo nalowo

abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.

10Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe,

uyakuthelwa ngehlazo,

kuqedwe nya ngawe unomphelo.

11Phela ngosuku owamela kude ngalo,

mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe,

nabezizwe betheleka emasagweni akhe,

benza unkatho ngeJerusalema,

nawe wawufana nomunye wabo.

12Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu

mhla evelelwa yishwa.

Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda

ngosuku lokubhujiswa kwabo.

Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho

ngosuku losizi.

13Kwakungafanele ungene ngesango labantu bami

mhla bevelelwa yinhlekelele.

Kwakungafanele futhi ubuke nje usizi lwabo

mhla bevelelwa yisigemegeme,

Kwakungafanele welule isandla sakho

uthathe umcebo wakhe

mhla evelelwe yinhlekelele.

14Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo

ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo.

Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo

ngosuku losizi.

15Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele

kuzo zonke izizwe;

njengoba wena wenze kanjalo

kuyakwenziwa kanjalo nakuwe.

Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

16Impela njengoba niphuzile

entabeni yami engcwele,

zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi,

ziphuze, zigwinye,

kube sengathi azizange zibe khona.

17Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa,

iyakuba yindawo engcwele,

nabendlu yakwaJakobe

bayakudla ifa lababaphangileyo.

18Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo,

abendlu kaJosefa babe yilangabi,

kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi,

bayakuwashisa, aphele nya;

akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu,

ngokuba uSimakade usekhulumile.

19Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu,

kuthi abaseShephela badle elamaFilisti,

elakwa-Efrayimi nelaseSamariya,

abakwaBhenjamini badle iGileyadi.

20Isigejana sabantu bakwa-Israyeli

esisekudingisweni eKhanani

kuze kube seZarefathi,

nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi

bayakudla imizi eNegevu.

21Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni,

babuse elezintaba kwa-Esawu.

Umbuso uyakuba ngokaSimakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help