1 UDavide nabakhuzi bempi behlukanisela umsebenzi amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani nakaJeduthuni; ayezophrofetha ngamahabhu, ngezingubhu, nangamasimbali. Abantu ababezokwenza umsebenzi wenkonzo babeyileli nani, bemi kanje:
2emadodaneni ka-Asafa: nguZakhuri, uJosefa, uNethaniya no-Asharela, amadodana ka-Asafa, ephethwe ngu-Asafa owayephrofetha ngokulawulwa yinkosi.
3 KuJeduthuni: amadodana akhe: nguGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabhiya noMathithiya, esewonke eyisithupha, ephethwe nguyise uJeduthuni owayephrofetha ngohabhu, ngokubonga nangokudumisa uSimakade.
4KuHemani: amadodana kaHemani: nguBhukiya, uMathaniya, u-Uziyeli, uShebhuweli, uJerimothi, uHananiya, uHanani, u-Eliyatha, uGidalithi, uRomamithi Ezeri, uJoshibhekasha, uMalothi, uHothiri noMahaziyothi.
5 Bonke labo kwakungamadodana kaHemani, isiboni senkosi ngokwezwi likaNkulunkulu, ukuze siphakamise uphondo lwayo. UNkulunkulu wamupha uHemani amadodana ali-14, namadodakazi amathathu.
6 Bonke laba babephethwe nguyise ekuhlabeleleni endlini kaSimakade ngamasimbali, ngezingubhu nangamahabhu ekukhonzeni endlini kaNkulunkulu. U-Asafa, uJeduthuni noHemani babephethwe yinkosi.
7 Inani labo bonke sebehlangene nabafowabo ababefundiswe ukuhlabelelela uSimakade, nababeyizazi babengama-288.
8 Benza unkatho ngemisebenzi yabo kusukela komncane njengokomdala, isazi nomfundi.
9Unkatho lokuqala lwadla uJosefa ka-Asafa, olwesibili uGedaliya, yena ekanye nabafowabo namadodana akhe, sebebonke beli-12.
10Olwesithathu lwadla uZakhuri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12,
11olwesine lwadla uJiziri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
12Olwesihlanu lwadla uNethaniya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
13Olwesithupha lwadla uBhukiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
14Olwesikhombisa lwadla uJesharela, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
15Olwesishiyagalombili lwadla uJeshaya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
16Olwesishiyagalolunye lwadla uMathaniya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
17Olweshumi lwadla uShimeya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
18Olweshumi nanye lwadla u-Azareli, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
19Olwe-12 lwadla uHashabhiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
20Olwe-13 lwadla uShubhayeli, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
21Olwe-14 lwadla uMathithiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
22Olwe-15 lwadla uJeremothi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
23Olwe-16 lwadla uHananiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
24Olwe-17 lwadla uJoshibhekaya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
25Olwe-18 lwadla uHanani, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
26Olwe-19 lwadla uMalothi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
27Olwama-20 lwadla u-Eliyatha, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
28Olwama-21 lwadla uHothiri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
29Olwama-22 lwadla uGidalithi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
30Olwama-23 lwadla uMahaziyothi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
31Olwama-24 lwadla uRomamithi Ezeri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.