UMshumayeli 11 - IsiZulu 2020

Konke Okuzayo Kuyize

1 Phonsa isinkwa sakho emanzini,

ngokuba uzosithola emva kwezinsuku eziningi.

2 Yipha abayisikhombisa isabelo sakho,

kanjalo abayisishiyagalombili,

ngokuba awazi ukuthi bubi buni

obungahle behlele umhlaba.

3Uma amafu emumethe imvula,

ayithululela emhlabeni;

nesihlahla uma siwela ngaseningizimu

noma ngasenyakatho,

sitholakala lapho siwele khona.

4Onaka umoya akasoze atshala;

nalowo onaka amafu akasoze avuna.

5 Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo

ungena kanjani emathanjeni

esibelethweni sowesifazane okhulelweyo,

kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu

owenza izinto zonke.

6 Hlwanyela imbewu yakho ekuseni,

ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe,

ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila;

yilena noma yileya,

noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.

7 Ukukhanya kumnandi,

kuthokozisa amehlo ukubuka ilanga.

8 Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi,

makathokoze ngayo yonke,

nokho makakhumbule

ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi.

Konke okuzayo kuyize.

Iziluleko Kwabasha (1)

9 Jabula nsizwa ebusheni bakho,

inhliziyo yakho ayikujabulise

ezinsukwini zobusha bakho.

Landela izindlela zenhliziyo yakho,

nakho konke okubonwa ngamehlo akho,

kodwa khumbula

ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela

ngazo zonke lezo zinto.

10 Susa ukungeneliseki engqondweni yakho,

uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho,

ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help