1Nkulunkulu, yiba nomusa kimi,
ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa.
Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.
2Izitha zami zingenzakalisa njalo,
ngokuba baningi abalwa nami ngokuqhosha.
3Mhla ngesabayo ngiyokwethembela kuwe.
4KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe,
kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba;
umuntu angangenzani na?
5Usuku lonke bahlanekezela amazwi ami.
Yonke imicabango yabo ihlose ukungilimaza.
6Bayangihlasela, bangicuthele,
baqaphe izinyathelo zami,
baqamekele umphefumulo wami.
7Ungabavumeli baphunyule ngenxa yobubi babo,
ngentukuthelo, qumba phansi izizwe, Nkulunkulu.
8Wena ukunakile ukuzulazula kwami,
izinyembezi zami zethe egabheni lakho.
Kanti azikho yini encwadini yakho na?
9Izitha zami bese zibuyela emuva
mhla ngikhalayo,
ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.
10KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe,
kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe.
11Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyukwesaba.
Umuntu angangenzani na?
12Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe,
ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13Ngokuba umphefumulo wami uwukhulule ekufeni,
nezinyawo zami, ekukhubekeni,
ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu,
ekukhanyeni kwabaphilayo.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.