AMahubo 38 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Womuntu OsebunzimeniIhubo likaDavide. Elokukhumbuza

1Simakade, ungangijezisi ngolaka lwakho,

ungangishayi ngentukuthelo yakho.

2Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila;

isandla sakho singicindezele kanzima.

3Akukho ukuphila emzimbeni wami,

ngenxa yentukuthelo yakho;

amathambo ami awanampilo,

ngenxa yesono sami.

4Ngokuba iziphambeko zami

zedlula ikhanda lami,

zingisinda njengomthwalo onzima.

5Izilonda zami zichicha ubomvu, ziyanuka,

ngenxa yobuwula bami.

6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe,

usuku lonke ngiyazulazula, ngilila.

7Ukhalo lwami luyaqaqamba,

akukho mpilo emzimbeni wami.

8Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu,

ngiyakhala, ngiyaquma

ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.

9Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho,

ukububula kwami akufihlakele kuwe.

10Inhliziyo yami ishaya ngamandla,

umzimba ushona phansi,

kunqundeke amehlo.

11Abangani nezihlobo zami bangihlubukile

ngenxa yokuhlupheka engikukho,

omakhelwane bami bahambela kude nami.

12Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha,

abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami,

bazindla okubi ngami usuku lonke.

13Kepha mina nginjengesithulu, angizwa,

nginjengesimungulu esingakwazi ukukhuluma.

14Impela nginjengesithulu,

nanjengesimungulu esingawuvuli umlomo waso.

15Ngethembele kuwe Simakade,

Wena Nkosi Nkulunkulu wami, uzongiphendula.

16Ngokuba ngathi:

“Labo abazikhukhumeza ngami,

mabangajabuli ngami,

lapho unyawo lwami lushelela.”

17Sengingawa noma yinini,

ubuhlungu bami buphambi kwami,

izikhathi zonke.

18Ngiyasivuma isiphambeko sami,

ngiyazisola ngesono sami.

19Izitha zami ziphilile, zinamandla,

baningi abangizondela ize;

20abaphindisela okuhle ngokubi,

bengethwesa icala,

ngokuba mina ngenza okulungileyo.

21Simakade, ungangishiyi,

Nkulunkulu wami

ungabi kude nami.

22Phuthuma ungisize,

Nkosi, uyinsindiso yami.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help