AMahubo 15 - IsiZulu 2020

Ngubani Oyakuhlala Ebukhoneni BukaSimakade

1Simakade, ngubani

oyakuhlala ethendeni lakho na?

Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na?

2Yilowo onkambo yakhe ingenasici,

futhi owenza ukulunga,

okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;

3ongahlebi ngolimi lwakhe,

ongenzi okubi kumngani wakhe,

nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;

4obenyanyayo abanengekayo,

kepha ebazisa abesaba uSimakade;

owenza isifungo asigcine,

noma isimo singamvumeli;

5ongatshelekisi ngemali

ukuba athole inzuzo,

nongadizelwa ukuze

alahle ngecala omsulwa.

Owenza lezi zinto

akasoze azanyazanyiswa,

kuze kube phakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help