KwabaseGalathiya 6 - IsiZulu 2020

Iziyalezo Zokugcina

1 Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.

2 Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.

3 Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.

4 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, khona eyakuzincoma ngawo, angawuqhathanisi nowomunye.

5 Ngokuba yilowo nalowo muntu uyakuthwala umthwalo wakhe.

6 Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.

Imiphumela Yokuhamba Ngokwenyama NangokukaMoya

7 Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.

8 Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

9 Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.

10 Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

Isiphetho

11 Ake nibone nje ukuthi nginilobela amagama angakanani ngesami isandla.

12 Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.

13 Ngokuba ngisho nabo abasokayo, kabawugcini umthetho, kodwa bafuna ukuba nisoke ukuze bazincome ngani.

14 Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.

15 Ngokuba ukuthi usokile noma awusokile akusho lutho, kepha okumqoka ukuba yisidalwa esisha.

16 Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, nakuye u-Israyeli kaNkulunkulu.

17 Kusukela manje, mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngithwele emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.

18 Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help