AMahubo 14 - IsiZulu 2020

Ubuwula Nobubi BabantuKumholi wokuhlabelela. ElikaDavide

1Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akekho uNkulunkulu.”

Bonakele, benza okunengekayo,

akekho owenza okuhle.

2USimakade uyababuka

abantwana babantu esezulwini,

ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo,

ofuna uNkulunkulu.

3Bonke baphambukile,

bonke bonakele;

akekho owenza okuhle,

akukho namunye.

4Abaqondi lutho bonke

abenza okubi,

abadla abantu bami

sengathi badla isinkwa,

bengakhuleki kuSimakade.

5Bazoba nokwesaba okukhulu,

ngoba uNkulunkulu

umi naso isizukulwane sabalungileyo.

6Niyaliphambanisa icebo lohluphekileyo,

kodwa uSimakade uyisiphephelo sakhe.

7Sengathi kungavela eZiyoni,

lowo oyakusindisa u-Israyeli.

Mhla uSimakade ephinda

ebuyisa abantu bakhe ekuthunjweni,

uJakobe makajabule,

u-Israyeli athokoze.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help