1 Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.
2 Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu* kaNkulunkulu.
3 Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi:
“Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho,
Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke;
zilungile, ziqinisile izindlela zakho
wena Nkosi yezizwe;
4 ngubani ongayikwesaba, Nkosi,
adumise igama lakho, na?
Ngokuba wena wedwa ungcwele,
nezizwe zonke ziyakuza
zikhuleke phambi kwakho,
ngokuba izenzo zakho zokulunga
zibonakalisiwe.”
5 Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini,
6 kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande* egolide.
7 Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.
8 Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.