U-Isaya 66 - isiZulu 1959/1997

1 Usho kanje uJehova, uthi:

“Izulu liyisihlalo sami sobukhosi,

umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami;

iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona,

iphi indawo yami yokuphumula, na?

2 Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami,

kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova.

“Kepha yilowo engiyakubheka kuye:

ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo,

othuthumela ngezwi lami.

3Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu,

nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja,

nonikela ngomnikelo wempuphu,

kepha enikela nangegazi lezingulube,

noshisa inhlaka, ebonga nesithombe,

yebo, laba bakhethile izindlela zabo,

nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

4 Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho,

ngibehlisele abakwesabayo,

ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo,

nasekukhulumeni kwami abezwanga,

kepha benza okubi emehlweni ami,

bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

5Yizwani izwi likaJehova

nina enithuthumela ngezwi lakhe.

“Abafowenu abanizondayo,

abanixosha ngenxa yegama lami,

bashilo bathi:

‘Makazidumise uJehova

ukuba sibone intokozo yenu,’

kepha bona bayakujabha.

6Yizwi lomsindo elivela emzini,

yizwi lasethempelini!

Yizwi likaJehova

ephindisela izenzo zezitha zakhe.

7 “ISiyoni lingakabi namihelo lazala;

lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.

8Ngubani ozwile okunjalo na?

Ngubani obonile okunjengalokhu na?

Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na?

Isizwe singabelethwa kanyekanye na?

Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo,

lazala abantwana balo.

9Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova.

“Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.

10“Thokozani kanye neJerusalema,

nilethabele

nina nonke enilithandayo;

jabulani ngenjabulo kanye nalo

nina nonke enilililelayo,

11ukuze nincele,

naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo,

nenyiselwe,

nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.”

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula,

nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo,

nincele, niphathwe ngezingalo zalo,

niwothwe nisemathangeni.

13 Njengoduduzwa ngunina,

kanjalo ngiyakuniduduza nina,

niduduzeke eJerusalema.”

14Niyakukubona,

izinhliziyo zenu zijabule,

amathambo enu ahlume njengohlaza;

isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi

sisezincekwini zakhe,

athukuthelele izitha zakhe.

15 Ngokuba bheka,

uJehova uyakufika ngomlilo,

izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu,

ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka

nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.

16 Ngokuba uJehova uyakwahlulela

inyama yonke ngomlilo nangenkemba;

ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.

17 “Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye,” usho uJehova.

18 “Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.

19“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.

20 Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.

21 Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi,” usho uJehova.

22 “Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.

23 Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova.

24 “Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima, babe yisinengiso kuyo yonke inyama.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help