UHezekeli 28 - isiZulu 1959/1997

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2 “Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile,

wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu

enhliziyweni yolwandle,”

ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu,

noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

3 bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli,

ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;

4ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakho

uzizuzele imfuyo,

wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

5ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga

wandisile imfuyo yakho;

inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.

6“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakho

njengenhliziyo kaNkulunkulu,

7 ngalokho bheka,

ngiyakukwehlisela abafokazi,

abesabekayo bezizwe;

bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakho

izinkemba zabo,

bangcolise ukukhazimula kwakho.

8 Bayakukwehlisela egodini,

ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.

9Usasho phambi kokubulalayo ukuthi:

“Ngingunkulunkulu mina,”

ingani ungumuntu,

ungesiye uNkulunkulu,

esandleni sokugwazayo, na?

10 Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi,

ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”

11Izwi likaNkulunkulu lafika kimi, lathi:

12 “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo;

wawugcwele ukuhlakanipha,

wawuphelele ngobuhle.

13Wawuse-Edene,

insimu kaNkulunkulu;

onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho,

isardiyu,* netopazi,* nedayimani,*

neshohamu,* nejaspi,* nesafire,*

nesimaragidu,* nekrisolithe;*

nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide,

zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.

14 Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo;

ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu,

wahamba phakathi kwamatshe omlilo.

15Wawuphelele ezindleleni zakho

kusukela osukwini lokudalwa kwakho

kwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.

16Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;

ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,

ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,

ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.

17Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,

wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;

ngikulahlele phansi,

ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.

18 Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile

ungcolisile izindlu zakho ezingcwele;

ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;

ngakwenza umlotha emhlabeni

emehlweni abo bonke abakubonayo.

19 Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;

usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

Isiprofetho ngeSidoni

20Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

21 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo,

22uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;

ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,

bazi ukuthi nginguJehova,

lapho ngenza ukwahlulela kulo,

ngingcweliswe phakathi kwalo.

23Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;

abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalo

ngenkemba ephezu kwalo nxazonke,

bazi ukuthi nginguJehova.

24“ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

25“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.

26Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help