AmaHubo 147 - isiZulu 1959/1997

Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa

1 Haleluya!

Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;

ukudumisa kufanele.

2 UJehova uyalakha iJerusalema;

abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.

3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;

izilonda zabo uyazibopha.

4 Uyabala inani lezinkanyezi,

azibize zonke ngamagama.

5 INkosi yethu inkulu,

makhulu amandla ayo;

ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;

ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

7Hubelani uJehova ngokubonga,

nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*

8 osibekela izulu ngamafu,

olungisela umhlaba imvula,

ohlumisa utshani ezintabeni.

9 Unika izinkomo ukudla kwazo,

namazinyane egwababa akhalayo.

10 Akathokozi ngamandla ehhashi,

akajabuleli imilenze yomuntu.

11UJehova uyathokoza ngabamesabayo,

abathemba umusa wakhe.

12Jerusalema, mbabaze uJehova;

Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

13Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;

ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.

14Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;

uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

15Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;

izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.

16 Uyanika iqhwa njengoboya;

uhlakaza isithwathwa njengomlotha.

17Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;

ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;

uyavusa umoya wakhe,

amanzi agobhoze.

19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,

izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.

20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:

izahlulelo zakhe asizazi.

Haleluya!

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help