1 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
2 Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.
3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela.
4Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,
akalali.
5 UJehova ungumlondi wakho;
uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.
6Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.
7UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
8 UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.