AmaHubo 127 - isiZulu 1959/1997

Zonke izibusiso zivela kuJehovaIgama lokukhuphuka. ElikaSolomoni.

1 Uma uJehova engayakhi indlu,

basebenzela ize abayakhayo;

uma uJehova engalondolozi umuzi,

umlindi wawo ulindela ize.

2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,

nephuze ukuphumula,

nidle isinkwa sezinhlupheko,

ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova,

isithelo sesisu singumvuzo.

4Njengemicibisholo esandleni seqhawe

banjalo abantwana bobusha.

5Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona;

abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help