1 Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
2 Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.”
3UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.
4UDavide wabutha amadodana ka-Aroni namaLevi;
5kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili;
6kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili;
7kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu;
8kumadodana ka-Elisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili;
9kumadodana kaHebroni: ngu-Eliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisihiyagalombili;
10kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.
11UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo:
12 “Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona.
13 Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”
14Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
15 Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.
16UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.
17AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya,
18bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango,
19nabahlabeleli oHemani no-Asafa no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali* ethusi,
20noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,*
21noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole.
22UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe umsebenzi wokuthwala; wayefundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi.
23OBerekiya no-Elkana babe ngabalindisango bomphongolo.
24OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.
25 UDavide namalunga akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede Edomi ngokuthokoza;
26kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa.
27UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.
28Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*
29Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.