U-Amose 3 - isiZulu 1959/1997

Ukujeziswa kuka-Israyeli

1Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:

2 “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;

ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”

3Kuhamba ababili kanyekanye,

uma bengavumelananga, na?

4Ingonyama iyabhodla ehlathini,

ingenampango, na?

Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,

uma lingabambanga lutho, na?

5Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,

ingenasihibe, na?

Ugibe luyaxhuma emhlabathini,

lungabambanga nokubamba, na?

6 Kungabethwa icilongo emzini,

bangesabi abantu, na?

Umuzi ungehlelwa ngokubi,

engakwenzamga uJehova, na?

7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,

ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.

8Ingonyama ibhongile,

ngubani ongayikwesaba na?

INkosi uJehova ikhulumile,

ngubani ongayikuprofetha na?

Ukwahlulelwa kweSamariya

9Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,

nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:

“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,

nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,

nokucindezelwa okukulo.”

10“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;

“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

11Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“Isitha siyakulihaqa izwe,

sehlise kini izinqaba zenu,

ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

12Usho kanje uJehova, uthi:

“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama

imilenze emibili noma inxenye yendlebe,

kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,

abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo

naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”

13“Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

14 “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli

ngeziphambeko zakhe,

ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,

kunqunywe izimpondo ze-altare,

ziwe phansi.

15 Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,

kuphele izindlu zophondo lwendlovu,

yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help