AmaHubo 73 - isiZulu 1959/1997

INCWADI YESITHATHUAmahubo 73 – 89Umkhuleko wowethemba uNkulunkuluIhubo lika-Asafa.

1 Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,

kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;

kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

3 Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,

lapho ngibona ukubusa kwababi.

4Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,

namandla abo aqinile.

5Abahlupheki njengabanye abantu;

abahlushwa njengabanye abantu.

6Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;

indluzula ibembesa njengengubo.

7 Amehlo abo aphinqekile ngokunona;

imicabango yenhliziyo iyachichima.

8Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;

bakhuluma besekuphakamemi.

9Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;

ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;

amanzi amaningi bazimuncela wona.

11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?

Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12 Bheka, laba bayibo ababi;

bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,

ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14ngokuba ngahlushwa usuku lonke;

kwasa ngijeziswa.

15Uma bengithe,

ngizakukhuluma kanjalo,

bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,

kwaba luhlupho emehlweni ami,

17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,

ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

18 Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;

ubawisa babe yincithakalo.

19Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!

Bashona, babhubha benovalo.

20 Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,

uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,

kuhlaba ezinsweni zami,

22ngaba yisiphukuphuku,

angaqonda lutho;

ngaba yisilwane kuwe.

23Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;

ungibambile ngesandla sami sokunene.

24 Uyakungihola ngesiluleko sakho,

andukuba ungamukele enkazimulweni.

25Nginobani ezulwini na?

Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;

nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami

nesabelo sami kuze kube phakade.

27Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha;

uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.

28Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;

ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami,

ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help