U-Isaya 9 - isiZulu 1959/1997

Inkosi yokuthula

1 Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.

2 Abantu abahamba ebumnyameni

babona ukukhanya okukhulu;

abahlezi ezweni lethunzi lokufa

ukukhanya kuyabakhanyisela.

3 Uyakwandisa isizwe,

ukhulise intokozo yaso;

bathokoza phambi kwakho

njengokuthokoza ekuvuneni,

njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

4 Ngokuba ijoka lomthwalo wabo,

nenduku yamahlombe abo,

noswazi lomhluphi wabo

uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.

5 Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa

nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,

zidliwe ngumlilo.

6 Ngokuba sizalelwa umntwana,

siphiwa indodana;

umbuso uyakuba semahlombe akhe,

negama lakhe liyakuthiwa

uMluleki omangalisayo,

uNkulunkulu onamandla,

uYise ongunaphakade,

iNkosi yokuthula.

7 Umbuso uyakuba mkhulu,

ukuthula kungabi nakuphela

esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,

ukuze uqiniswe, usekelwe

ngokwahlulela nangokulunga,

kusukela manje kuze kube phakade.

Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

Intukuthelo kaNkulunkulu ngaku-Israyeli

8INkosi ithume izwi kuJakobe,

lehlela kwa-Israyeli.

9Bonke abantu bayakwazi,

u-Efrayimi nabakhe eSamariya,

abasho ekuziphakamiseni kwabo

nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

10“Izitini ziwile,

kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;

imithombe igawuliwe,

kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”

11UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,

ahlomise abamelene nabo,

12 i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva,

bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

13Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo,

futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.

14 Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli

ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga,

ngalusuku lunye.

15Ilunga nophakemeyo bayikhanda,

nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.

16 Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa,

nabaholwa yibo bayagwinywa.

17Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo,

ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo,

ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi,

nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

18Ngokuba ububi bushisa njengomlilo,

buqeda amakhakhasi nameva,

buthungela ezihlahleni zamahlathi,

zize zifuquke insika yomusi.

19Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti

izwe lishisiwe;

abantu bangukudla komlilo,

akakho osindisa umfowabo.

20Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene,

abe esalambile nokho,

adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi;

bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,

21uManase u-Efrayimi,

no-Efrayimi uManase,

bobabili basukele kanyekanye uJuda;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help