KumaHeberu 8 - isiZulu 1959/1997

UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini

1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,

2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.

4Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”

6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

7Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.

8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:

“Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,

lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli,

nendlu kaJuda,

9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise

mhla ngibabamba ngesandla

ukubakhipha ezweni laseGibithe,

ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,

nami angibanakanga, isho iNkosi.

10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli

emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:

ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,

ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,

ngibe nguNkulunkulu wabo,

bona babe ngabantu bami.

11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,

nalowo umfowabo, ngokuthi:

‘Yazi INkosi;’

ngokuba bonke bayakungazi,

kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

12Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,

nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help