AmaHubo 135 - isiZulu 1959/1997

Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe

1 Haleluya!

Dumisani igama likaJehova;

mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2enimi endlini kaJehova

emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3 Dumisani uJehova,

ngokuba uJehova muhle;

hubelani igama lakhe,

ngokuba limnandi.

4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,

no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu

nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenza

ezulwini nasemhlabeni,

emanzini nasezinzulwini zonke.

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,

wenza imibani kube yimvula;

ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8 Washaya amazibulo aseGibithe,

awabantu kanye nawezilwane.

9 Wathuma izibonakaliso nezimangaliso

phakathi kwakho, Gibithe,

phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10 Washaya izizwe ezinkulu,

wabulala amakhosi anamandla:

11 uSihoni inkosi yama-Amori,

no-Ogi inkosi yaseBashani,

nemibuso yonke yaseKhanani.

12 Wanika izwe labo laba yifa,

laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13 Jehova, igama lakho limi phakade;

isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,

ahawukele izinceku zakhe.

15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,

umsebenzi wezandla zomuntu.

16Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;

amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17Izindlebe zinazo, kepha azizwa,

nomoya awukho emlonyeni wazo.

18Abazenzayo bayafana nazo,

bonke abazethembayo.

19 Wena ndlu ka-Israyeli,

mbonge uJehova;

wena ndlu ka-Aroni,

mbonge uJehova.

20Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;

nina enimesabayo uJehova,

mbongeni uJehova.

21UJehova makabongwe eSiyoni,

yena owakhe eJerusalema.

Haleluya!

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help