UNumeri 26 - isiZulu 1959/1997

Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli

1Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

4“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:

kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;

kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;

6kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;

kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.

9 Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;

10umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

11Kepha amadodana kaKora awafanga.

12Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:

kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;

kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;

kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;

13kwaZera: ngumndeni wakwaZera;

kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:

kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;

kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;

kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;

16kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;

kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;

17kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;

kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19 Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.

20Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:

kwaShela: ngumndeni wakwaShela;

kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;

kwaZera: ngumndeni wakwaZera.

21Amadodana kaPheresi:

kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;

kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:

kwaThola: ngumndeni wakwaThola;

kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;

24kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;

kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:

kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;

kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;

kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29 Amadodana kaManase:

kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;

kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.

30Lawa angamadodana kaGileyadi:

kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;

kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

31kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;

kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;

32kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;

kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.

33 USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:

kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;

kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;

kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.

36Lawa angamadodana kaShuthela:

kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:

kwaBela: ngumndeni wakwaBela;

kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;

kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;

39kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;

kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.

40Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;

kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;

kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:

kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.

43Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:

kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;

kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;

kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

45Kumadodana kaBeriya:

kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;

kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.

46Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:

kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;

kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;

kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51 Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

53“Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57 Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:

kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;

kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;

kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58Nansi imindeni yamaLevi:

ngumndeni wakwaLibini,

nomndeni wakwaHebroni,

nomndeni wakwaMaheli,

nomndeni wakwaMushi,

nomndeni wakwaKora.

UKohati wazala u-Amramu.

59 Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61 ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64 Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help