AmaHubo 66 - isiZulu 1959/1997

Ukubonga nokudumisa uNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.

1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,

nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi:

“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.

Ngenxa yobukhulu bamandla akho

izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;

bayakuhubela igama lakho.” Sela*

5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;

uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;

bawela umfula ngezinyawo;

lapho sathokoza kuye.

7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;

amehlo akhe ayahlozinga izizwe;

abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

8Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,

nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,

engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,

wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11Wasingenisa enetheni;

wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;

sangena emlilweni nasemanzini;

kepha wasikhiphela ekubuseni.

13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;

ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14ezaphinyiselwa yizindebe zami,

zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo

kanye nephunga lezinqama;

ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*

16Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;

ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17 Ngakhala kuye ngomlomo wami;

ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,

ibingayikungizwa iNkosi.

19Ngempela uNkulunkulu uzwile,

walalela izwi lomkhuleko wami.

20Makabongwe uNkulunkulu

ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help