U-Isaya 37 - isiZulu 1959/1997

Isiprofetho sika-Isaya ngabase-Asiriya

1 Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.

2Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

3 Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.

4 Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”

5Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

6u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.

7Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”

8Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

9Kepha isizwile ngoTirahaka, inkosi yaseKushe, ukuthi: “Uphumile ukulwa nawe,” lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:

10 “Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

11Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?

12Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?

13Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?”

14UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

15UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:

16 “Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

17Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

18“Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,

19 alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

20Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”

21U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,

22nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi:

“Ikudelele, yakuhleka usulu intombi,

indodakazi yaseSiyoni;

ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

23Weyise bani, wethuka bani, na?

Uphakamisele bani izwi lakho,

wabhekisa phezulu amehlo akho, na?

NgoNgcwele ka-Israyeli!

24Ngesandla sezinceku zakho

uyijivazile iNkosi, wathi:

‘Ngobuningi bezinqola zami

ngenyuke mina phezulu ezintabeni

ngaphakathi kweLebanoni;

ngigawula imisedari* yalo emide

nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo

ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina

nasehlathini lalo eliminyeneyo.

25Ngemba, ngaphuza amanzi;

ngomisa ngamathe onyawo lwami

yonke imifula yaseGibithe.’

26“Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na?

Emihleni yasendulo ngakunquma;

manje sengikulethile

ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.

27 Abakhe kuyo babe namandla amancane,

besaba, bajabha;

baba njengotshani basendle,

nembali notshani obuluhlaza,

nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,

namabele ahamukile engakakhuli.

28 “Kepha ukuhlala kwakho,

nokuphuma kwakho,

nokungena kwakho ngiyakwazi,

nokubhovumula kwakho ngami.

29 Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,

nangokuba ukuzidla kwakho

kwenyukele ezindlebeni zami,

ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho

netomu lami emlonyeni wakho,

ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

30 “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:

“Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,

nangomnyaka wesibili isihlabane,

nangomnyaka wesithathu hlwanyelani,

nivune, nitshale izivini,

nidle izithelo zazo.

31Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo

bayakubuye bagxile phansi,

bathele izithelo phezulu.

32 Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali

nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;

ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.

33“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:

“Ayiyikungena kulo muzi,

ayiyikucibishela mcibisholo khona;

ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,

ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.

34Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;

ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.

35 “Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise

ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”

36Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.

37Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.

38Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help