AmaHubo 67 - isiZulu 1959/1997

Ukubonga izibusiso zikaNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama.

1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise;

makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*

2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,

insindiso yakho kubo bonke abezizwe.

3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;

mabakubonge abantu bonke.

4Izizwe mazijabule, zethabe;

ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,

uzihola izizwe emhlabeni. Sela*

5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;

mabakubonge abantu bonke.

6 Umhlaba uthelile izithelo zawo;

uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.

7UNkulunkulu uyasibusisa;

imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help