UJobe 35 - isiZulu 1959/1997

U-Elihu uthi: UNkulunkulu umelwe ukufunwa ngokuthobeka

1U-Elihu wathatha wathi:

2“Usho uthi lokhu kulungile na?

Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’

3 njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’

nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza,

uma ngonile, na?’

4“Ngizakukuphendula mina ngamazwi,

wena nabangane bakho.

5Bheka ngasezulwini, ubone,

uqaphele amafu aphakeme kunawe.

6 Uma wona, wenzani kuye na?

Uma iziphambeko zakho ziziningi,

wenzani kuyena na?

7 Uma ulungile, umnikani yena,

noma umukelani esandleni sakho na?

8Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe,

nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.

9“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;

bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.

10Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,

ozwakalisa amahubo ebusuku,

11osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,

asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’

12Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,

kepha akaphenduli.

13Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,

uSomandla akayikukunakekela;

14 kakhulu kangakanani,

lapho uthi awumboni

nokuthi, noma icala liphambi kwakhe,

usamhlalela, na?

15 Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,

anganaki kakhulu iziphambeko,

16 uJobe uvulela ize umlomo wakhe;

uyandisa amazwi engenalwazi.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help