AmaHubo 39 - isiZulu 1959/1997

Ukukhala kohluphekile kanzimaKumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1 Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami

ukuba ngingoni ngolimi lwami;

ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo,

omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”

2 Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle;

kwavuswa ubuhlungu bami.

3 Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami;

kwaphembeka umlilo ngisazindla;

ngakhuluma ngolimi lwami.

4 “Jehova, ngazise ukuphela kwami,

nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;

mangazi ukuthi ngingodlulayo.

5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;

imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;

impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,

noma eqine kangakanani. Sela*

6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;

impela uzikhathaza ngokuyize nje;

unqwabela imfuyo,

kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

7“Kalokhu-ke, Nkosi,

ngilindele ntoni na?

Ithemba lami likuwe.

8Ngisindise kuzo iziphambeko zami,

ungangenzi isithuko sesiwula.

9 Ngiyathula, angivuli umlomo wami;

ngokuba nguwe okwenzileyo.

10Susa kimi ukushaya kwakho,

ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.

11 Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko,

ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu;

yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*

12 “Yizwa umkhuleko wami, Jehova,

ulalele ukumemeza kwami;

ungathuli ngezinyembezi zami,

ngokuba ngingumfokazi kuwe;

ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

13 Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike,

ngingakamuki lapha,

ngingabe ngisabakho.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help