AmaHubo 84 - isiZulu 1959/1997

Izindlu zikaJehova ziyathandekaKumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elamadodana kaKora. Ihubo.

1 Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

2 Umphefumulo wami ulangazelela,

womela amagceke kaJehova;

inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3Ngokuba umzwilili ufumene indlu,

nenkonjane isidleke sayo,

lapho ibeka khona amazinyane ayo,

ngisho ama-altare akho,

Jehova Sebawoti,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4 Babusisiwe abahlala endlini yakho;

bayakuhlala bebonga wena. Sela*

5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,

abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6 Bedabula imfunda yezinyembezi

bayenza ibe yindawo yeziphethu;

yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7Baqhubeka emandleni,

baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

8Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe,

Nkulunkulu kaJakobe. Sela*

9Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu,

bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10 Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho

luhle kunezinye eziyizinkulungwane.

Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami

kunokuhlala ematendeni ababi.

11 Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu;

uJehova uyakupha umusa nodumo;

akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12 Jehova Sebawoti,

ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help