U-Isaya 48 - isiZulu 1959/1997

Iqiniso nobumnene bukaNkulunkulu

1 “Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe

obiziwe ngegama lika-Israyeli,

waphuma emanzini akwaJuda,

ofunga igama likaJehova,

odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli,

kungengaqiniso nakulunga kodwa.

2 Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele,

bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli,

nguJehova Sebawoti igama lakhe.

3Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo,

zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa;

ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.

4 Ngokuba bengazi ukuthi unenkani,

nentamo yakho ingumsipha wensimbi,

nebunzi lakho liyithusi,

5ngazimemezela kwasendulo,

ngazizwisa kungakenzeki,

funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile,

isithombe sami esibaziweyo,

nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’

6Wawukuzwile konke lokho; wakubona;

awuyikukumemezela na?

“Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla,

yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.

7Kudaliwe manje, kungesendulo;

awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,

funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’

8Yebo, awuzwanga, awazanga,

kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,

ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,

wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9Ngenxa yegama lami

ngiyakulibazisa intukuthelo yami,

ngizibambele wena ngodumo lwami

ukuba ngingakunqumi.

10 Bheka, ngikucwengisisile,

kungavelanga isiliva kodwa;

ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,

ngokuba igama lami lingcoliselwani na?

Anginiki omunye inkazimulo yami.

12 “Ngilalele, Jakobe,

wena Israyeli, obiziweyo wami;

ngisenguye, ngingowokuqala,

futhi ngingowokugcina.

13 Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,

nesokunene sami silenekile izulu;

lapho ngikubizayo,

kuma ndawonye.

14 “Buthanani nina nonke, nizwe;

ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?

Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,

nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

15Mina, mina ngikhulumile,

yebo, ngimbizile,

ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.

16 “Sondelani kimi, nizwe lokhu;

angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;

kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”

Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

17 Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,

oNgcwele ka-Israyeli, uthi:

“NginguJehova uNkulunkulu wakho

okufundisile okukusizayo,

okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

18 Sengathi nga ulalele imiyalo yami!

Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,

nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

19 nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,

nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;

igama lakhe nga linganqunywanga,

lachithwa ngaphambi kwami.”

Isiyalezo sokuphuma eBabele

20 Phumani eBabele,

nibalekele amaKaledi,

nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,

nikuzwakalise lokhu,

nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:

“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”

21 Kabomanga lapho ebahola emahlane,

wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;

futhi waliqhekeza idwala,

amanzi ampompoza.

22 “Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help