AmaHubo 103 - isiZulu 1959/1997

Ihubo lokudumisa uNkulunkulu ngomusa wakhe

1Mbonge uJehova, mphefumulo wami;

konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

2Mbonge uJehova, mphefumulo wami,

ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

3 yena othethelela zonke izono zakho,

owelapha zonke izifo zakho;

4 okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,

okuqhelisa ngomusa nangobubele;

5 osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,

ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.

6 UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo

ukulunga nokwahlulela.

7 Wamazisa uMose izindlela zakhe,

nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.

8 UJehova unobubele nesihawu;

wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

9 Akathethi njalonjalo;

akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,

akasivuzi njengokwamacala ethu.

11 Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba

unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,

udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,

kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;

uyakhumbula ukuthi siluthuli.

15 Izinsuku zomuntu zinjengotshani;

uyakhahlela njengembali yasendle.

16 Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala,

nendawo yayo ingabe isayazi.

17 Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,

nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

18kubo abagcina isivumelwano sakhe

bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

19UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini;

nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.

20 Bongani uJehova nina zingelosi zakhe,

nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe

nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.

21 Bongani uJehova nina mabandla onke akhe,

nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.

22Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke

ezindaweni zonke zombuso wakhe.

Mbonge uJehova, mphefumulo wami.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help