AmaHubo 87 - isiZulu 1959/1997

IJerusalema, ikhaya lezizweElamadodana kaKora. Ihubo. Igama.

1Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.

2 UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni

kunazo zonke izindlu zikaJakobe.

3 Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*

4Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo;

yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.

5Kuyakuthiwa ngeSiyoni:

“Yilo nalo wazalelwa khona;

oPhezukonke uyaliqinisa.”

6Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthi

lo wazalelwa khona. Sela*

7Abahubayo nabasinayo bathi:

“Imithombo yami yonke ikuwe.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help