UHoseya 5 - isiZulu 1959/1997

Ukukhohlisa kuka-Israyeli

1 “Yizwani lokhu nina bapristi,

nilalele nina ndlu ka-Israyeli,

nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,

ngokuba ukwahlulela kukinina,

lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

2Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo,

kepha ngingumlayi wabo bonke.

3Ngiyamazi mina u-Efrayimi,

u-Israyeli akafihlekile kimi,

ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,

u-Israyeli uzingcolisile.

4“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu,

ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,

noJehova abamazi.

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;

o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;

naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

6Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo

ukuyofuna uJehova;

kepha abayikumfumana;

umonyukile kubo.

7 Bamkhohlisile uJehova,

ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;

manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

8“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;

hlabani umkhosi eBeti Aveni:

basemva kwakho, Benjamini!

9U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,

ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;

ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

11U-Efrayimi ucindezelekile,

uchotshoziwe ekwahlulelweni,

ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.

12Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi,

nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.

13 “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe

noJuda isilonda sakhe,

u-Efrayimi waya e-Asiriya,

wathumela enkosini uJarebi;

kepha ingeniphulukise,

ayinakusipholisa isilonda senu.

14 Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi,

nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda;

mina yebo, mina ngiyakudwengula,

besengimuka;

ngiyakususa, kungekho owophulayo.

15Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,

baze bazithwese icala labo,

bafune ubuso bami;

osizini lwabo bayakungifunisisa.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help