2 iziKronike 22 - isiZulu 1959/1997

U-Ahaziya uyinkosi kwaJuda

1 Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu* nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

2U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.

3Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.

4Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe.

5Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.

6 Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

7 Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.

8 Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; wababulala.

9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.

U-Athaliya ungumbusi

10 Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.

11Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.

12Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help