AmaHubo 56 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayoKumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.

1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,

ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;

usuku lonke bayangicindezela belwa.

2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;

ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3Mhla ngesabayo

ngiyakwethemba wena.

4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;

ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;

inyama ingangenzani na?

5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;

yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6Bayabuthana, baqamekele,

baqaphele izinyathelo zami,

njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7 Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?

Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8 Ukuzula kwami ukubalile wena;

yetha izinyembezi zami egabheni lakho;

azikho encwadini yakho na?

9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;

ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;

kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11 Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

12 Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;

ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni

nezinyawo zami ekuweni,

ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu

ekukhanyeni kwabaphilayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help