1 Shayani izandla, zizwe zonke;
hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka;
uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3 Wathobisa abantu phansi kwethu,
nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4Wasikhethela ifa lethu,
udumo lukaJakobe amthandayo. Sela*
5 UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma,
uJehova ngokukhala kwecilongo.
6Hubelani uNkulunkulu, hubani!
Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke;
hubani ihubo!
8 UNkulunkulu uyabusa izizwe;
uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9 Izikhulu zabantu zibuthene,
zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama,
ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu;
uphakeme kakhulu.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.