IsiHlabelelo seziHlabelelo 6 - isiZulu 1959/1997

Abangane:

1 Othandiweyo wakho uyephi,

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;

ushonephi othandiweyo wakho

ukuba simfune kanye nawe na?

2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,

ezindimeni zamakha,

ukuba aluse ensimini,

akhe iminduze.

Umakoti:

3 Mina ngingowothandiweyo wami,

nothandiweyo wami ungowami,

lapho alusa phakathi kweminduze.

Umyeni ubabaza umakoti wakhe

4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,

umnandi njengeJerusalema,

kepha wesabeka njengezimpi.

5Susa amehlo akho kimi,

ngokuba ayangiphaphathekisa;

izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi

owehla entabeni yakwaGileyadi.

6Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi

ezikhuphuka zigeziwe,

zinamawele zonke,

kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

7Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*

emva kwemvakazi yakho.

8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,

nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,

nezintombi azinakubalwa.

9Kepha ijuba lami,

opheleleyo wami munye nje;

ungoyedwa kunina,

ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.

Amantombazana ayambona,

athi ubusisiwe;

amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

Abangane:

10 Ngubani lo olunguza njengokusa,

emuhle njengenyanga,

ecwebile njengelanga,

kepha esabeka njengezimpi, na?

Umnyeni:

11Ngehlela ensimini yamantongomane

ukuyobona uhlaza lwesigodi,

nokubona uma imivini iqhakazile,

namapomegranati* uma ekhahlele.

12Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka

enqoleni yabantu benkosana yami.

Abangane:

13Phenduka, phenduka, mShulamiti!

Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!

Umnyeni:

Nibonani kumShulamiti?

Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help