AmaHubo 41 - isiZulu 1959/1997

Ukukhala ngokuhlupheka nokuzingelwaKumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1 Ubusisiwe onakekela ohluphekayo;

uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.

2 UJehova uyakumlondoloza, amphilise;

uyakubusiswa emhlabeni;

awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe.

3 UJehova uyakumphasa ecansini egula;

wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.

4Mina ngithi: “Jehova, ngihawukele,

uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”

5Izitha zami zikhuluma okubi ngami, zithi:

“Uzakufa nini, igama lakhe lichitheke, na?”

6Nalapho kuza ozongibona,

ukhuluma amanga;

inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala,

abesephuma akhulume ngakho.

7 Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami:

bangisongozela okubi, bathi:

8“Into embi inamathele kuye;

olele phansi kasayikululama.”

9 Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba,

obedla isinkwa sami,

ungiphakamisele isithende sakhe.

10Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise,

ukuze ngibaphindisele.

11Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda,

ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.

12 Mina uyangimisa ebuqothweni bami;

uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.

13Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,

kusukela phakade kuze kube phakade.

Amen, Amen.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help