2 kwabaseKorinte 6 - isiZulu 1959/1997

UPawulu ululeka ibandla ukuba lingamukeleli ize umusa kaNkulunkulu

1 Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –

2 ngokuba uthi:

“Ngesikhathi esihle ngikuzwile,

nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;”

bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –

3 asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe,

4 kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni,

5nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,

6 nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi,

7 nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,

8ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,

9 njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,

10 njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.

UPawulu uxwayisa abakholwayo ukuba bangadlelani nabangakholwayo

11Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile;

12 aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;

13 kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.

14 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

15 Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?

16 Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi:

“Ngiyakuhlala phakathi kwabo,

ngihambe phakathi kwabo;

ngiyakuba nguNkulunkulu wabo,

bona babe ngabantu bami.”

17 “Ngakho-ke

phumani phakathi kwabo,

nahlukane nabo, isho iNkosi;

ningathinti okungcolileyo;

khona ngiyakunamukela,

18 ngibe nguYihlo kini,

nina nibe ngamadodana

namadodakazi kimi,

isho iNkosi uSomandla.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help