IsiHlabelelo seziHlabelelo 8 - isiZulu 1959/1997

1Sengathi nga unjengomfowethu

owancela amabele kamame!

Uma bengikufumana phandle,

bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

2 Bengiyakukuhola,

ngikuyise endlini kamame;

ubuyakungifundisa;

bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo,

amanzi ompomegranati* wami.

3 Isandla sakhe sokhohlo

besiyakubaphansi kwekhanda lami,

nesokunene sakhe besiyakungigona.

4 Ngiyanifungisa,

madodakazi aseJerusalema,

ukuba ningalunyakazisi,

ningaluvusi uthando,

lungakavumi.

Abangane:

5Ngubani owenyuka ehlane

encike kothandiweyo wakhe na?

Umakoti:

Phansi komapula* ngakuvusa;

lapho unyoko wayenemihelo ngawe,

khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

6Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,

njengophawu engalweni yakho,

ngokuba uthando lunamandla njengokufa;

isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;

amalangabi alo angamalangabi omlilo,

ilangabi likaJehova.

7Amanzi amaningi awanakulucima uthando,

nemifula ayinakuluminzisa;

uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,

nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.

Umakoti nabafowabo.Abangane:

8Sinodadewethu omncane,

kanawo amabele;

siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

9Uma elugange,

siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva;

uma eyisicabha,

siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*

Umakoti:

10Ngilugange,

namabele ami anjengemibhoshongo;

khona ngaba semehlweni

akhe njengofumene ukuthula.

Ingcebo enkulu kunekaSolomoni

11USolomoni wayenesivini eBali Hamoni;

wasinika isivini kubaphathi;

baletha, kwaba yilowo nalowo,

izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

12Isivini esingesami siphambi kwami;

inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni,

namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.

Umyeni nomakoti bayabizana.Umnyeni:

13 Wena ohlala emasimini,

abangane balalela izwi lakho;

ake ungizwise lona.

Umakoti:

14 Shesha, othandiweyo wami,

ufane nensephe

nesixhumo sendluzele

ezintabeni zamakha.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help