AmaHubo 58 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wocela ukuthotshiswa kwabahluleli ababiKumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu.*

1 Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na?

Madodana abantu,

nahlulela ngobuqotho na?

2Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi;

ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.

3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni,

abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka;

banjengebululu eliyisithulu,

elivimba indlebe yalo,

5lingalaleli izwi lezinyanga

ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.

6 Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu!

Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!

7 Mabaphele njengamanzi agobhozayo;

nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe,

mayibe sengathi iqundekile.

8 Mababe njengomnenke oncibilika, uphele,

njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.

9Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva,

uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.

10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo;

uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,

11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo;

impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help