AmaHubo 108 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wokunqoba izithaIgama. Ihubo likaDavide.

1 Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu;

ngizakuhlabelela, ngihube,

ngisho nomphefumulo wami.

2Vukani, lugubhu nehabhu!*

Ngizakuvusa ukusa.

3Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,

ngikudumise phakathi kwezizwe.

4 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu,

nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

5Phakama, Nkulunkulu,

phezu kwezulu,

inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

6 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,

sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

7UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:

“Ngiyakwethaba;

ngiyakulidabula iShekemi,

ngisilinganise isiGodi saseSukoti.

8Ngowami uGileyadi,

ngowami uManase;

u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,

uJuda uyintonga yami yokubusa.

9UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;

phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami;

phezu kweFilistiya ngiyethaba.”

10Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na?

Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?

11Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na?

Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

12Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,

ngokuba ukusiza komuntu kuyize.

13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;

yena uyakunyathela phansi izitha zethu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help