IsiHlabelelo seziHlabelelo 1 - isiZulu 1959/1997

Umakoti ulangazelela umyeni

1Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.

Umakoti:

2Makangange ngokwanga komlomo wakhe!

Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

3Amafutha akho anephunga elimnandi;

igama lakho linjengamafutha athululiweyo;

ngalokho izintombi ziyakuthanda.

4Ngidonse emva kwakho, sigijime;

inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.

Abangane:

Siyakujabula, sithokoze ngawe,

sikhulume ngothando lwakho kunewayini.

Umakoti:

Kufanele ukuba bakuthande.

5 Ngimnyama, kepha ngimuhle,

madodakazi aseJerusalema,

njengamatende akwaKedari,

njengezilenge zikaSolomoni.

6 Ningangibuki ukuthi ngimnyamana,

ngokuba ilanga lingifusile.

Amadodana kamame angifutha,

angenza umlindizivini,

kepha isivini esingesami angisilindanga.

7Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami

ukuthi waluselaphi,

uphumuzaphi umhlambi emini,

ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo

ngasemihlambini yabangane bakho na?

Abangane:

8Uma ungakwazi

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane,

phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi,

waluse amazinyane akho

ngasematendeni abelusi.

Ukuphendulana komyeni nomakoti.Umnyeni:

9 Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro,

sithandwa sami.

10Izihlathi zakho zinhle

kangakanani zinezintambo zobuhlalu,

nentamo yakho ineminaka.

11Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide,

namaqhosha esiliva.

Umakoti:

12Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo

inadi* lami lathaphuka iphunga lalo.

13Othandiweyo wami ungumshuqulu

wemure* kimi,

olele phakathi kwamabele ami.

14Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena*

ezivinini zase-Eni Gedi.

Umnyeni:

15 Bheka, umuhle, sithandwa sami!

Bheka, umuhle!

Unamehlo amajuba.

Umakoti:

16Bheka, umuhle, othandiweyo wami!

Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.

Umnyeni:

17Imishayo yendlu yethu iyimisedari,*

nemiqhadi iyimisayipuresi.*

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help