IsiLilo 5 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wokuzwelwa

1Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho;

bheka, ubone ihlazo lethu.

2 Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi,

nezindlu zethu kwabezizwe.

3Siyizintandane, asinababa;

omame banjengabafelokazi.

4Amanzi ethu siyawaphuza ngemali,

izinkuni zethu ziza ngentengo.

5Abasixoshayo basezintayeni zethu;

sikhathele, asinakuphumula.

6Sinike isandla sethu kulo iGibithe

nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.

7 Obaba bona abasekho;

thina sithwala ububi babo.

8Izigqila ziyasibusa;

akakho osikhulula esandleni sabo.

9Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo

ngenxa yenkemba yasehlane.

10Isikhumba sethu siyasha njengeziko

ngokushisa kwendlala.

11Balala nabesifazane eSiyoni,

izintombi zasemizini yakwaJuda.

12 Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo;

ubuso babadala ababuhloniphanga.

13Izinsizwa zathwala amatshe okugaya,

abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.

14Abadala baphelile esangweni,

nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.

15 Intokozo yenhliziyo yethu iphelile;

ukusina kwethu kuphenduke ukulila.

16 Umqhele uwile ekhanda lethu.

Maye kithina, ngokuba sonile!

17Ngalokho inhliziyo yethu idangele;

ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,

18ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile,

zize zihambe kuyo izimpungushe.

19 Wena Jehova umi phakade;

isihlalo sakho sobukhosi

sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.

20Usikhohlelwani kuze kube phakade,

usishiye izinsuku eziningi, na?

21 Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya;

yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,

22ngokuba usilahlile nokusilahla,

wasithukuthelela kakhulu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help