UHoseya 9 - isiZulu 1959/1997

Isiprofetho ngokuthunjwa

1Ungajabuli, Israyeli,

kube ngukuthokoza njengokwabezizwe,

ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,

wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,

iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3 Abayikuhlala ezweni likaJehova;

u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe,

nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4 Abayikuthululela uJehova iwayini;

imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye,

isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo;

bonke abasidlayo bayakungcola,

ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango,

singangeni endlini kaJehova.

5Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano

nangosuku lomkhosi kaJehova na?

6 Bhekani,

ngokuba bemukile ekuchithweni

iGibithe liyakubabutha,

iNofi libembele;

izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane,

kube ngameva ematendeni abo.

7 Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,

izinsuku zempindiselo zisondele;

u-Israyeli uyakukwazi.

Umprofethi uyakuba njengesiwula,

umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho

nangobutha obukhulu;

8 umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,

ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,

nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9 Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;

uyakhumbula ububi babo,

uyabahambela ngezono zabo.

10 “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,

ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni

ngesikhathi sawo sokuqala.

Kepha bafika eBali Peyori,

bazahlukanisela okunezinhloni,

baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,

lumuke njengenyoni,

kungabikho ukuzala, nonesisu,

nokukhulelwa.

12Noma bekhulisa abantwana babo,

nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;

yebo, maye kubo,

lapho ngimuka kubo!

13U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire,

utshalwe endaweni emnandi,

kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14“Banike, Jehova uyakunikani?

Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15 “Bonke ububi babo buseGiligali;

ngalokho ngabazonda khona;

ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,

angisayikubathanda;

zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16U-Efrayimi ushayiwe,

impande yabo yomile,

abayikuthela izithelo.

Noma bezala,

ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17UNkulunkulu wami uyakubalahla,

ngokuba abamlalelanga,

babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help