AmaHubo 59 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheniKumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.

1Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,

ngivikele kwabangivukelayo;

2ngikhulule kwabenza okubi,

ngisindise kubantu begazi.

3Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;

iziqhwaga ziyangihlanganyela,

kungekho siphambeko,

kungekho sono kimi, Jehova.

4Ziyagijima, zizilungisele,

kungekho cala kimi;

vuka, ungihlangabeze, ubone.

5Wena kambe,

Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

Nkulunkulu ka-Israyeli,

vuka uphindisele bonke abezizwe,

ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*

6Bayabuya kusihlwa,

bahlaba umkhulungwane njengenja,

bezula emzini.

7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,

kukhona izinkemba ezindebeni zabo,

ngokuba bathi:

“Ngubani ozwayo na?”

8 Kepha wena Jehova uyabahleka;

uyabaklolodela bonke abezizwe.

9Mandla ami, ngiyakulindela wena,

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;

uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;

zizulise ngamandla akho,

uzilahle phansi, Nkosi,

sihlangu sethu.

12Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;

mazibanjwe ekuzidleni kwazo

nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13Ziqede ngokuthukuthela,

ziqede zingabe zisabakho;

mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,

kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*

14Ziyabuya kusihlwa;

zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15 Zizulazulela ukudla;

uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.

16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,

ngethabele umusa wakho ekuseni,

ngokuba uyinqaba yami,

nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17Mandla ami, ngizakuhubela wena;

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,

unguNkulunkulu wami womusa.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help