U-Isaya 27 - isiZulu 1959/1997

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

1 Ngalolo suku uJehova uyakuhambela

ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla

uLeviyathani,* inyoka esheshayo,

uLeviyathani, inyoka ethandelayo,

abulale udrako* oselwandle.

2 Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.

“Hlabelelani ngaso.

3 Mina Jehova ngingumlindi waso,

ngiyakusinisela njalo;

funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.

4 Ukufutheka akukho kimi;

sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!

Bengiyakuwasukela ngokulwa,

ngiwashise kanyekanye,

5noma abambelele emandleni ami

ukuba enze ukuthula nami,

enzelane ukuthula nami.”

6 Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,

u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,

bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.

7Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?

Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?

8 Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;

wabasusa ngomoya wakhe olukhuni

ngosuku lomoya wasempumalanga.

9 Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,

lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,

lapho enza ukuba onke amatshe e-altare

avithizeke njengamatshe omcako,

kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.

10Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,

nekhaya limukelwe,

lishiyiwe njengehlane;

ithole liyakuklaba khona,

libuthise khona,

lidle, liqede amahlamvu awo.

11Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,

kufike abesifazane,

baphembe umlilo kuwo,

ngokuba bangabantu abangenakuqonda;

ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,

nowababumbayo akayikuba namusa kubo.

12Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.

13 Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help